KUNJALO-KE – ME Wanda

 ISINGENISO 

Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungabi nesimilo esihle kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu.

UMZIMBA 

UDumazile 

Ukungabi nesimilo esihle kukaDumazile esemncane noma eseganile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Ukuqoma uthisha uMoloi ebe eyingane yesikole okwaba nomphumela wokukhulelwa ingane kaMoloi nokuxabana noMisi Hlophe bebanga uMoloi 

• Ukuxoshwa kukaDumazile esikoleni kunomphumela omubi ngoba kugcina kuxabanise abazali bakhe. 

• Ukuqoma uSithole ngemuva kokuxoshwa nguMaNzimande emzini kaSithole kwagcina kunomphumela wokukhulelwa ingane kaSithole. 

• Ukuhlela isu lokushisa isitolo sikaSithole kwaba nomphumela wokuthi uSithole agcine esehlupheka ngoba umshwalense wala ukusikhokhela. 

• Ukuba nobudlelwano bezocansi noMthovovo, nokubuyelana noMoloi noSithole kwaba nomphumela wokuxabana nomyeni wakhe uMtalaselwa waze wamshaya, izingane zakhe zasala zodwa uLerato waphuma nasesikoleni. 

• Ukubuyelana kukaDumazile noyise bezingane zakhe kwaba nomphumela wokugcina etheleleke ngegciwane lesandulelangculazi alidlulisela kumyeni wakhe uMtalaselwa. Kwatheleleka noMaNzimande bagcina bebulewe isifo sengculazi bonke.

UMoloi 

Ukungaziphathi kahle kukaMoloi ebe enguthisha futhi eganiwe kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Ukushela uDumazile eyingane yesikole ebe eganiwe futhi enomntwana noMisi Hlophe ofundisa kuso lesi sikole kwaba nomphumela wokuba agcine exoshiwe uMoloi emsebenzini wamiswa iminyaka emihlanu engaqashwa nguHulumeni. 

• Ukubuyelana noDumazile kanti uDumazile usegane uZuma kwaba nomphumela wokulwa noSithole ngoba beficane emzini kaSithole bebanga uDumazile.

USithole 

Ukungaziphathi kahle kukaSithole ebe eganiwe kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Ukwehluleka ukuqonywa uDumazile ngemuva kokumeshela kwaba nomphumela wokulanda inyanga ukuze amfake intando kwagcina kumxabanise nomkakhe uMaNzimande. 

• Ukuthengela uDumazile umuzi kwaba nomphumela wokuthi uDumazile agcine esefaka uMoloi uyise kaLerato kuwo. USithole wazithola eselwa noMoloi ngenxa yalesi senzo sikaDumazile. Wahlala noMtalaselwa kuwo owayengumyeni wakhe, uMtalaselwa wagcina eseshaye uDumazile ngenxa yokufaka uSithole emzini wakhe. 

• Ukuthengela uDumazile imoto ashayisa ngayo uDumazile engenazo izincwadi zokushayela futhi ingenawo umshwalense kwaba nomphumela wokuthi uSithole angene ezikweletini agcine ngokuboshwa.

UMaNzimande 

• Ukukholelwa kukaMaNzimande amahebezi ayelethwe nguLizzy mayelana nokuthandana kukaSithole noDumazile. Lokho kugcine uMaNzimande ehilizisana noSithole ethi makuxoshwe uDumazile emzini wabo. 

• Kwabuye kwaholela ukuba uSithole aqhubeke nokuthandana noDumazile aze ayomakhela umuzi eMlazi.

ISIPHETHO

Umbhali uphumelele ukudlulisa umyalezo nemiphumela yokuba nesimilo esingesihle kule noveli esebenzisa amaphuzu angenhla. Nathi sifundile ukuthi ukungabi nesimilo esihle kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu.

Comments

Post a Comment

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

Do we have free-will?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!