Posts

Showing posts with the label novel

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya

 BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya Umbuzo: Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: 'Izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu' ubhekise kulaba balingiswa: uMhlengi/Mahlengi, uNontobeko, uXolani, noNgidi kule noveli ethi, Bengithi Lizokuna. ISINGENISO Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli umayelana nokuthi izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo. Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nomyalezo kule noveli.

KUNJALO-KE – ME Wanda

 ISINGENISO  Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungabi nesimilo esihle kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu. UMZIMBA  UDumazile  Ukungabi nesimilo esihle kukaDumazile esemncane noma eseganile kwadala le miphumela engemihle elandelayo:  • Ukuqoma uthisha uMoloi ebe eyingane yesikole okwaba nomphumela wokukhulelwa ingane kaMoloi nokuxabana noMisi Hlophe bebanga uMoloi  • Ukuxoshwa kukaDumazile esikoleni kunomphumela omubi ngoba kugcina kuxabanise abazali bakhe.  • Ukuqoma uSithole ngemuva kokuxoshwa nguMaNzimande emzini kaSithole kwagcina kunomphumela wokukhulelwa ingane kaSithole.  • Ukuhlela isu lokushisa isitolo sikaSithole kwaba nomphumela wokuthi uSithole agcine esehlupheka ngoba umshwalense wala ukusikhokhela.  • Ukuba nobudlelwano bezoc...

USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi

 ISINGENISO  Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu nakwabanye abantu. UMZIMBA  UChule  Ukuthanda imali kukaChule ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: • Ukuqola abafelokazi imali ababeyishiyelwe abayeni babo kwagcina kumhlukanise nomkakhe uMaMkhabela.  • Washada noMaDludla umshadombumbulu ukuze afinyelele emalini yakhe, wamlahla uma isiphelile kwaba nomphumela wengxabano phakathi kwabo. UMaDluldla ngenxa yentukuthelo washaya uChule noNomvula ngamaqanda mhla beshada.  • Wangenelwa ukuthanda ukuba yonke le mali yabo noNomvula ize ngakuye ngoba wayesola ukuthi uNomvula uzobuyelana noGenyeza futhi babenganaye umntwana.  • Wakha itulo lokubulala uMirriam. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba kwagc...

Share To UniTut