BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya

 BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya


Umbuzo:

Xoxa ngempumelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: 'Izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu' ubhekise kulaba balingiswa: uMhlengi/Mahlengi, uNontobeko, uXolani, noNgidi kule noveli ethi, Bengithi Lizokuna.


ISINGENISO


Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli umayelana nokuthi izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo. Ohlolwayo angasebenzisa la maphuzu alandelayo namanye amayelana nomyalezo kule noveli. 

UMZIMBA 

UMhlengi/UMahlengi 

Unquma ukutshela isithandwa sakhe uNontobeko ukuthi mabahlukane ngaphandle kokumtshela isizathu. Lesi sinqumo sinomphumela wokuthi uNontobeko adideke, aphume efulethini ayoziphonsa emgwaqeni, ashayiswe imoto, alimale kakhulu, agcine eselele esibhedlela. Unquma ukutshela uNgidi ukuthi uyinkonkoni, lokhu kunomphumela owenza uNgidi wathukuthela wahlukumezeka kakhulu emoyeni ngoba wayesebenza kanzima ukuze aqoqele indodana yakhe ifa. Ugcina ngokumsula efeni amxoshe nasemzini wakhe. Wadela nokushadelwa okwesibili wagcina esezisola futhi ezigxeka ngokuthi mhlawumbe akamkhulisanga ngendlela efanele uMhlengi. 

UNontobeko:

UNontobeko uthatha isinqumo sokuziphonsa emotweni ihamba okwaba nomphumela wokuthi alimale kabi angakwazi nokukhuluma futhi walala amasonto amaningi esibhedlela.  Isinqumo sokuqoma uNkululeko ngemuva kokwaliwa uMhlengi. Lesi sinqumo saba nomphumela wokubhuntsha komshado wagcina ngokuzikhunga uNkululeko kwahlukumezeka nomndeni wakhe. Kanjalo nomndeni kaNontobeko watheleka ngehlazo futhi waphatheka kabi ngoba wayetshele nonina ukuthi uzoluvala ucingo angabe esatholakala balindele yena abashayele.

UXolani: 

Isinqumo sokuthandana noMahlengi saba nomphumela wokuthi kuhlukumezeke uLungile nezingane zakhe ngoba wayezishiye zodwa ebusuku eyobona uMahlengi. Waphindela otshwaleni, wabuya enuka iziqholo zabesifazane waphupha uMahlengi waze wamemeza negama. Wagcina eseshelwa umuzi wakhe kushona nezingane zabo nomshado wakhe okungenzeka ukuthi waphela.

UNgidi: 

Uthatha isinqumo sokuyocinga indodana yakhe uMhlengi ngaphandle kokwazisa isithandwa sakhe uNomalanga kanti wayesemqinisekisile uNomalanga ukuthi angeke esakwenza lokho. Lokhu kwaba nomphumela wokuhlukumezeka kakhulu kuNomalanga waze wathatha nesinqumo sokumbhalela incwadi yokumala uNgidi. Kwamphatha kabuhlungu uNgidi ukuthola ukuthi uMhlengi wayeseziguqule ubulili esengumuntu wesifazane nanokuthi amathemba akhe okuthi uNontobeko wayezoba umakoti wakwakhe ayeseshabalele. 

ISIPHETHO 

Umbhali uphumelele ukwedlulisa umyalezo othi izinqumo esizithathayo ngezimpilo zethu zingaba nemiphumela engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda