UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga

 Umlingiswa ongummeleli emdlaweni othi, Ubhuku lwamanqe.



ISINGENISO 

Ummeleli ngumlingiswa oyiqhawe. Indaba yonke incike kuye. 

Yize engekho kwezinye izehlakalo kodwa ziyamthinta ngandlela thize. Indaba yonke imayelana naye. Ubhekana nenkinga ethile ashikashikeke ezama ukuyixazulula. Kuyenzeka aphumelele noma ehluleke.
 

UMZIMBA 

Umlingiswa ongummeleli kulo mdlalo uPhindisiwe. Kungasetshenziswa lawa maphuzu ukuphendula umbuzo: 

Akanasimilo 

• Usukele uNkululeko ehlezi nabangane bakhe wazishelela yena. 
• Uthandana noNkululeko ngoba umyeni wakhe onguThamsanqa esahambe ngomsebenzi. 
• Ugcina ethola ingane eyivezandlebe enguZiphozonke. 

Unezimfihlo 

• Ushayelwa nguNkululeko ucingo kepha uyenqaba ukutshela uMyeni wakhe onguThamsanqa ukuthi Isoka lakhe lakudala lifuna bahlele ubugebengu yize esemncenga, uyafunga uyagomela ukuthi ngeke amtshela ngoNkululeko uyoze angene egodini. 
• Akamtsheli uThamsanqa ukuthi ingane yabo enguZiphozonke akusiyo eyakhe wayitholiswa nguNkululeko. 
• Akabatsheli abakwaMathonsi lapho endele khona ukuthi wayenezingane ezimbili azithola ngaphambi kokuba ashade noThamsanqa. 
• Akamtsheli umyeni wakhe uThamsanqa ukuthi uNkululeko wenza itulo lokuba abulawe ukuze kuzotholakala ifa lakhe.

Uyisigebengu 

• Ushayisa ingane ngemoto qede uthenga uNkululeko ngemali ukuba amdonsele ejele ngecala elenziwe nguyena. 
• Unquma ukuvumelana noNkululeko ukuthi kubulawe uThamsanqa ukuze bathole imali yomshwalense, imali esebhange kanye nokuthola indlu yakhe. 
• Utshontsha imali emsebenzini esesisefeni. Uthanda imali 
• Uthandana noNkululeko ukuze amthengele izingubo nokudla yize esebenza. 
• Uvuma ukuhambisana necebo likaNkululeko lokuyogqekeza ebhange kanye nokubulala uThamsanqa ukuze naye ahlomule. 

ISIPHETHO 

UPhindisiwe uvezwe njengomlingiswa owummeleli, oyindilinga futhi okholekayo kulo mdlalo. Izimo abhekane nazo kulo mdlalo zimenze waguquguquka. Wayeba yikholwa eliphelele uma ehamba noThamsanqa beya ezinkonzweni zabantu abashadile. Wayebuye azibandakanye ebugebengwini obuhlelwa nguNkululeko ayethandana naye ebe eshadile.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya