Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

THUMELA UZAMCOLO NKOSI! 


Isingeniso: 

Indikimba yenkondlo umongo noma ingqikithi yenkondlo.

 Indikimba iwukuveza ukuthi inkondlo imayelana nani ngegama elilodwa noma amabili. Le nkondlo ethi, 'Thumela Uzamcolo Nkosi' indikimba yayo amandla oMdali kubantu. Ukukhethwa kwamagama kuwukusetshenziswa kwamagama anembayo nezimo zokukhuluma kanye nokuphindaphinda ukugqamisa indikimba yenkondlo:

Umzimba: 

Ibinza loku-1 

Imbongi isebenzise la magama anembayo, 'ojuba amazulu' ukugqamisa ubukhulu bukaNkulunkulu okunguyena yedwa okwazi ukunika umyalelo bese izinto zenzeke. Imbongi iphinde yasebenzisa amagama anembayo'... asifafaze ngemikhemezelo' ukugqamisa ukuthi nguNkulunkulu owehlisa imvula noyalela ilanga ukuba lisikhanyisele.

Ibinza lesi-2 

Imbongi isebenzise la magama anembayo, 'kulo mhlabathi olugagadu logwadule' ukugqamisa ukuthi uMdali ufika nakulabo abantu abanezinhliziyo ezilukhuni. Imbongi isebenzise isenzukuthi, 'Ifu lezintuli zikhuhle khuhle' ukugcizelela ukuthi abantu baye benze izinto ezimbi bengasakwazi ukubona nokuhle. Imbongi isebenzise isingathekiso 'Yisishingishane ...' ukugqamisa ukuthi umhlaba ungcololile.

Ibinza lesi-3 

Imbongi isebenzise isenzukuthi, 'kubemnyama bhuqe' ukugcizelela ukuthi kuba mnyama/baphelelwe onembeza. Iphinde yasebenzise amagama anembayo ‘Odala ubugqikolo bedwala’ ukugcizelela ukuthi nguyena yedwa uMdali onamandla owenza abantu babe nezinhliziyo ezilukhuni. Iphinde yasebenzisa amagama anembayo, 'Olola ukucija ...' ukugqamisa ukuthi nguMdali owenza abantu babe nezinhliziyo ezimbi. 

Ibinza lesi-4 

Imbongi isebenzisa la magama anembayo, '... langqangqazela, leza nezihlambi ...' ukugcizelela ukuthi sekushunyayeliwe izwi lenkosi abantu bezwa. Iphinde yasebenzisa la magama anembayo, '... nhlamvu' ukugcizelela ukuthi ngokuphazima kweso babuyela ebubini. Imbongi isebenzise isingathekiso, '... wena dwala' ukugcizelela ukuthi umuntu oyimi ongezwa olukhuni ongaguquki, 'Idwala eliyimi, ...' Umuntu waphindela ebubini sengathi akaze ashunyayezwe.

Ibinza lesi-5 

Imbongi isebenzise la magama anembayo 'ongaqhekeza ubutshe bedwala kanye ongathintibeza izinciji zameva' ukugcizelela ukuthi uMdali nguyena yedwa ongaguqula izinhliziyo zabantu basuke ebubini ababenzayo.

Ibinza lesi-6 

Imbongi isebenzise isihlonipho, '... Baba' ukucela ukuba uNkulunkulu alethe imvula. Iphinde yasebenzisa amagama anembayo, 'ubulukhuni bukhunyuzwe' ukugcizelela ukuthi nguMdali kuphela ongehlisa umoya oyingcwele, onamandla ukuguqula abantu abanhliziyo zilukhuni, bathanjiswe bamukele izwi leNkosi ukuze bakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi. Bathanjiswe, badumise izwi leNkosi.

Isiphetho: 

Imbongi ikwazile ukwethula indikimba yale nkondlo okungamandla uMdali anawo ukuguqula izinhliziyo zabantu. Isebenzise amagama anembayo, izimo zokukhuluma kanye nokuhlonipha ukugcizelele ukuthi uMdali kuphela onamandla wokulawula abantu. Imbongi iphetha ngokuba icele uMdali ehlise umoya oyingcwele ozoguqula izinhliziyo zabantu badumise izwi leNkosi.

Comments

Post a Comment

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya