IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi

 ISINGENISO

 Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungawazisi umndeni wakho kuba nemiphumela engemihle empilweni yakho.

UMZIMBA 

UBafana

 Ukuba yisifundiswa kukaBafana kwenza ukuba uBafana awubukele phansi/angawazisi umndeni wakhe. La maphuzu alandelayo akhombisa izinto ezenziwa uBafana ukungawunakekeli umndeni wakhe: 

• UBafana uxosha umalume wakhe kabuhlungu uma ezocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala. 

• Ukungazwani kukaBafana noPoppie kwenza u-Euthenasia eqe ekhaya. 

• UBafana akanasikhathi sezingane zakhe. 

• UBafana uba nomona ngokuzithuthukisa kukaPoppie ngokufunda umtshela nokuthi akayeke ukufunda. 

• Ukuhluleka kukaBafana ukubhekana nezinkinga zasemzini wakhe kwamenza walifulathela ikhaya. Umphumela wokungawazisi umndeni empilweni kaBafana:

• Udlala izingane zikamasihlalisane wakhe uMaMthunzi, uPrisca ushayisa imoto yakhe futhi uMgwazeni uthembisa ukumbulala. Wagcina nakhona ehambile waya KwaMashu. 

• UBafana KwaMashu uba yisimba sethwasa uMaMsibi. 

• UBafana ulimaza imoto kaSibeko okwenza ukuba uMaMsibi anqume ukuthi makahambe ayofuna umndeni wakhe ukuze kuphele la mabhadi amlandelayo uBafana. 

• UBafana unquma ukuphindela kubo eMpaphala emuva kokuhamba isikhathi eside ukuze ayoxolisa kumalume wakhe uCele.

UPoppie 

• UPoppie unqaba ukwamukela izingane zikaLinono kwala noma ozakwabo emsebenzini bemncenga ukuthi azithathe. 

• UPoppie uma eshayelwa ucingo uHlanganisani efuna ukumazisa ngo-Euthenasia akamemukeli kahle njengelunga lomndeni. 

• UPoppie uthengela u-Euthenasia imoto ngaphandle kokubonisana noBafana. 

• UPoppie ukhombisa ukuba nomona ngoHlanganisani no-Uzithelile ngoba bekhombisa ikhono eliphezulu emqhudelwaneni wokugijima. Ucabanga nokubathakatha. Umphumela wakungawazisi umndeni empilweni kaPoppie: 

• UPoppie ushiywa umyeni wakhe uBafana. 

• UPoppie uyawa ugcina esehamba ngodondolo, engasahambeli phezulu, okwakungenzeka ukuthi wayeshaywa abaphansi ngoba engazimukelanga izingane zikaLinono ekubeni engumakoti kwaNgubane.

ISIPHETHO 

Umbhali uphumelele ukudlulisa umyalezo wokuthi, 'ukungawazisi umndeni wakho kuba nemiphumela engemihle. Nathi sifundile ukuthi ukuziphakamisa kukaBafana noPoppie nokungawuthandi umndeni kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya