Indikimba yenkondlo - SASINGAKAZE SIMBONE

Indikimba yenkondlo.


Isingeniso:

Indikimba iwukuveza ukuthi inkondlo imayelana nani ngegama elilodwa noma amabili. Le nkondlo ethi, 'Sasingakaze Simbone' indikimba yayo uxolo/inkululeko eyalethwa ngokaMadiba kubantu baseNingizimu Afrika emuva kwengcindezelo.


Umzimba:

Ibinza loku-1

Imbongi isinikeza umqondo wokuthi ngesikhathi uMandela esejele abantu bakuleli babengavunyelwe ukukhuluma ngaye noma babenesithombe sakhe ngoba wayekade eboshelwe ezombusazwe nguhulumeni wamaBhunu. Uthe uma ephuma ejele akabanga nenhliziyo embi kodwa wafika wakhuluma ukuthula; wakhuluma uxolo kanye nokulingana kwezinhlanga zonke zakuleli. 

Ibinza lesi-2

Imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokuthintekayo, 'Asifumbathise umbayimbayi', okusho ukuthi abamhlophe babulawe ngesibhamu. Konke lokhu wayeyobe ekwenziswa igqubu lokuboshwa kodwa uMandela waphuma ejele esebaxolele abamhlophe. Akazange akwenze okwakucatshangwa ngabantu.

Ibinza lesi-3 

Imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokubonakalayo, 'Wasinik'udondolo ...' waba nesineke sokubonisa abantu indlela okumele kuphiliswane ngayo. Imbongi isebenzise isisho, ‘Injobo wayithungela ebandla’ waba nguMongameli obonisana nabantu ngaphambi kokuthatha izinqumo. 

Ibinza lesi-4 

Imbongi ikhuluma ngoxolo nenkululeko yombuso wentando yeningi kuleli zwe okwamenza uMandela waba undabuzekwayo wathandwa umhlaba wonke.

Ibinza lesi-5 

Imbongi isebenzise isifaniso, ‘uMandela uphume wafana nenyanga’ ngoba abantu abansundu kuleli babekade becindezelekile kufana nokuthi basebumnyameni kodwa yena wakhanyisa, ezemidlalo zavuleleka kuwo wonke umuntu onsundu nomhlophe.

Ibinza lesi-6 

Imbongi isebenzise isingathekiso, ‘Ezomzabalazo ... amakhuba’ igqugquzele imfundo ukuze abantu babumbane.

Ibinza lesi-7

 Imbongi isebenzise isisho, ‘... yadl' umhlanganiso’ imisebenzi yakhe yokuletha ukuthula noxolo ituswa i-Afrika yonke.

Ibinza lesi-8 

Imbongi iyaqhubeka itusa/incoma uMandela ngokuhlanganisa osopolitiki bezinhlanga kukhulunyiswane ngobumbano nokwakha umthetho sisekelo waseNingizimu Afrika. Kwakuthi noma edansa kujabule noma ubani ngenxa yenkululeko noxolo ayenalo yena uqobo.

Ibinza lesi-9

Ukuphuma kukaMandela ejele kwenza abantu bakholwe ukuthi kanti uMandela kwakuwumuntu okhona. Imisebenzi yakhe emihle ithandwa yiwo wonke umuntu. Akasoze alibaleka ngisho nasezizukulwaneni ezizayo.

Isiphetho: 

Imbongi ikwazile ukwethula indikimba yale nkondlo okuwuxolo/okuyinkululeko eyalethwa nguMandela kubantu ngokusebenzisa isingathekiso, umfanekisomqondo kanye nesisho. Imbongi iphethe ngokuncoma ukuthi ayisoze yakhohlakala/yalibaleka imisebenzi kaMandela emihle.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

Do we have free-will?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

KUNJALO-KE – ME Wanda