USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi

 ISINGENISO 

Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu nakwabanye abantu.

UMZIMBA 

UChule 

Ukuthanda imali kukaChule ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo:

• Ukuqola abafelokazi imali ababeyishiyelwe abayeni babo kwagcina kumhlukanise nomkakhe uMaMkhabela. 

• Washada noMaDludla umshadombumbulu ukuze afinyelele emalini yakhe, wamlahla uma isiphelile kwaba nomphumela wengxabano phakathi kwabo. UMaDluldla ngenxa yentukuthelo washaya uChule noNomvula ngamaqanda mhla beshada. 

• Wangenelwa ukuthanda ukuba yonke le mali yabo noNomvula ize ngakuye ngoba wayesola ukuthi uNomvula uzobuyelana noGenyeza futhi babenganaye umntwana. 

• Wakha itulo lokubulala uMirriam. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba kwagcina kushone yena kuleyo ngozi.

UDaffo 

Wayethanda imali ngokweqile njengomngani wakhe uChule kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Wayesemkhankasweni munye noChule. Ngenkathi kuyolotsholwa emaNgwaneni wazama ukulobola ngemali ababengavumelananga ngayo benoChule. Kwaba nomphumela wokushaywa wadatshukelwa nayizimpahla ayezigqokile. 

• Wayesefuna uNomvula naye ayemnyonyobela ngenkathi uChule esesibhedlela. Kwaba nomphumela omubi ngoba uChule wathi angakuzwa lokho waziphindiselela. Wamthenga njengesiboshwa esasizomsebenzela wabukisa ngaye kwabanye abantu. Wamxabanisa noMaNgcobo umkakhe 

• Walimala mhla babethi bayobulala uNomvula benoChule wagcina ngokuboshwa.

UMeyili 

• Wayethanda imali ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Waxabana noMaNdelu ngoba ethi kungani uNomvula abhalele yena emazisa ngomcebo awuzuzile. 

• Wathatha imali kaMaNdelu okwamxabanisa nomkakhe uMaHadebe. 

• Wathukuthela uma ebona ukuthi uNomvula uyalotsholwa wabuza abakhongi ukuthi kungani bebengamloboli ngenkathi engakabi nemali.

UMaHadebe 

• Wayethanda imali ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: 

• Wahlela ukuba kubulawe uMaNdelu noNomvula ngokubadlisa ushevu. Kwagcina kufe inja eyadla leyo nyama. Ubudlelwano bakhe noMaNdelu noNomvula bathikamezeka ngoba base bazi ukuthi ubefuna ukubadlisa ushevu. Bagcina bengasakudli nhlobo ukudla okuphekwe nguye. 

• Wahlela nendodana yakhe uMahuzu ukuba iyohlasela ibulale uNomvula kodwa kwashona yona engozini yemoto nabangani bayo uMsonteni noMchitheni, Wacishe washona naye uMaHadebe ngemuva kokuzama okwesibili ukudlisa uNomvula noMaNdelu ushevu kwadla yena samjuqa isisu.

Isiphetho 

Umbhali uphumelele ukwedlulisa umyalezo wokuthi akukuhle ukuthanda imali ngokweqile ngoba kungaba nemiphumela engemihle kithina nakwabanye abantu.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya