AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa

 Umlingiswa ongummeleli emdlaweni othi, Awuwelwa Umngeni.


ISINGENISO 

Ummeleli ngumlingiswa oyiqhawe. Indaba yonke incike kuye. 

Yize engekho kwezinye izehlakalo kodwa ziyamthinta ngandlela thize. Indaba yonke imayelana naye. Ubhekana nenkinga ethile ashikashikeke ezama ukuyixazulula. Kuyenzeka aphumelele noma ehluleke.

UMZIMBA 

Umlingiswa ongummeleli kulo mdlalo inkosi uSalimani. Kungasetshenziswa lawa maphuzu ukuphendula umbuzo: 

Unesibindi, nobuqhawe futhi akabesabi abelungu: 

• Akazange esabe ukuphikisa isinqumo uHulumeni ayesesithathile sokuklanywa kabusha kwemingcele. • Walumela lolu daba kwaze kwabizwa uSomtsewu ukuba azochazela isizwe ngalo. 
• Washo ngomlomo wakhe ukuthi kunokuba kuwelwe uMngeni amanzi oMngeni ayophenduka igazi.

Ukhaliphile yize wayesekhulile: 

• Wayeyazi yonke imingcele yezwe lobabamkhulu bakhe engayibukanga ebalazweni kanye nomlando wokufika kwabelungu. Ngenkathi ebizelwe enkantolo eMshwathi wakwazi ukuchazela uZithulele ngemingcele yendabuko yezwe lakhe engayibukanga ebalazweni njengoZithulele. 
• Wenza nesu lokuba kube nokhetho kusetshenziswa ubhontshisi omnyama nomhlophe ukuze abantu bazikhethele bona ngodaba lokuklanywa kabusha kwemingcele. 
• Akazange adikibale ngokwephucwa uMngeni enkantolo yaseMshwathi kodwa icala walidlulisela emajajini eMgungundlovu. 
• Wagcina ngokubuyiselwa indawo yakhe. 

Ubusa ngokwentando yeningi: 

• Izinqumo ayezithatha wayezixoxa nabafowabo kanye nesizwe sonke. 
• Wanikeza ibandla ukuba lithethe icala likaMphiliphili lokuba imbuka. 
• Abesifazane nabo babeba ingxenye yezimbizo nokhetho. Ngenkathi kuzoba nembizo kaSomtsewu noVimbingwenya, wayalela ukuba kumenywe nabantu besifazane ngoba engakhethi bulili. 

Unozwelo: 

• Ngenkathi kuthethwa icala likaMphiliphili emzini wenkosi uSalimani eTsheni, sithola inkosi uSalimani imbuka sakumdabukela uMphiliphili. 
• Wakhuza abafowabo ababefuna ukumudla luhlaza uMphiliphili. Babefuna ukumhlasela ngamazwi ngesenzo sakhe sokuthula nozungu oSomtsewu ababelwakhele inkosi.
 • Wahlawulisa uMphiliphili izinkabi ezintathu yize induna yakhe uNomehlo ayibona incane le nhlawulo ngokwakhe wayefenele ukuhlawuliswa izinkabi ezinhlanu. 

ISIPHETHO 

USalimani uvezwe njengomlingiswa oyindilinga futhi okholekayo kulo mdlalo. Izimo abhekane nazo kulo mdlalo zimenze waguquguquka. Wayebanolaka nenkani uma ekhuluma noZithulele noSomtsewu ngodaba lwemingcele. Wayekhombisa inhlonipho, ubuntu kanye nozwelo uma ekhuluma nabantu besizwe sakhe kanye nabozalo. Konke lokhu ngalo mlingiswa ongummeleli kwenze ukuba umdlalo ube noheho futhi ukhule ngesivinini.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

1.1.2 (3x −1)(x − 4) =16

KUNJALO-KE – ME Wanda

BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya