Kudela Owaziyo - BP Maphumulo

 Umlingiswa ongummeleli emdlaweni othi, Kudela Owaziyo.


ISINGENISO 

Ummeleli ngumlingiswa oyiqhawe lomdlalo. 

Indaba yonke incike kuye. Yize engekho kwezinye izehlakalo kodwa ziyamthinta ngandlela thize. Indaba yonke imayelana naye. Ubhekana nenkinga ethile ashikashikeke ezama ukuyixazulula. Kuyenzeka aphumelele noma ehluleke. 

UMZIMBA 

Umlingiswa ongummeleli kulo mdlalo uMdaluli Memela. Kungasetshenziswa lawa maphuzu ukuphendula umbuzo:

Unothando 

• Uvezwe njengomlingiswa onothando nonakekela umndeni wakhe. 
• Utholakala ehlezi nomndeni wakhe kuvulandi wakwakhe encokola nawo kumnandi. 
• Ukhokha izindleko zikaLondiwe eKolishi lezobuChwepheshe. 
• Ekudilizweni kwakhe emsebenzini uzama ukuvusa ikhono lakhe lokwakha izindlu ukuze angenise imali ekhaya.

Uyehluleka ukumelana nezinkinga 

• Uya kuMbhebhezeli ngemuva kokuphupha ukuze amcebise ngephupho lakhe nangenkathi efike emzini kaSaziwayo Ntenga isikhathi ababevumelane ngaso sesidlulile, uChivenga esesebenza. Lokho okwadala ukuba axoshwe. 
• Ucela uManqina ukuba achazele uMaMlanduli mayelana nodaba lokudilizwa kwabo emsebenzini. 

Unodlame nesihluku 

• Uba nodlame ekhaya nasemphakathini. Uduba ukudla akwenzelwe uMaMlanduli inkosikazi yakhe. 
• Ufuna indabandaba ngenkani kumkakhe. Uze ushaya uMaMlanduli ngemvubu, uphinde ashaye noLondiwe ngempama amdabule umlomo uma ethi usiza unina. 
• Uthembisa uLondiwe nodadewabo ukuthi uzobadubula ngesibhamu uma ebafica besekhona emzini wakhe ngemuva kokubaxosha. 
• Uthakatha aze ashaye uChivenga kabuhlungu ngemolontshisi ngoba ethi umthathele umsebenzi wokwakha ayewuthenjiswe emzini kaSaziwayo Ntenga.

Uyacwasa 

• Ucwasa ngokobulili kanye nangokobuzwe. 
• Uhlukumeza inkosikazi yakhe kanye nezingane ngokubashaya ngoba egabisa amandla futhi azi ukuthi abanakuziphindiselela. 
• Uqhakambisa ilungelo lakhe kunalelo likaMaMlanduli. Utshela uMaMlanduli ukuthi nenkomo iyalushayelwa ubisi lwayo futhi wamlobola ngakho-ke angeke amncengele ilungelo lakhe lasemshadweni elisemthethweni. 
• Ubiza izingane zakhe ngonoyile. 
• Ubiza uChivenga ngekwerekwere

ISIPHETHO 


UMdaluli uvezwe njengomlingiswa oyindilinga futhi okholekayo kulo mdlalo. Izimo abhakene nazo kulo mdlalo zimenze waguquguquka. Ubenothando enakekela umndeni wakhe ngenkathi isimo sezinto simhambela kahle esasebenza. Uthe angalahlekelwa umsebenzi waguquka wahlukumeza umndeni wakhe kanye namanye amalungu omphakathi.

Comments

Popular posts from this blog

Social Dimensions of COVID-19

Curve Fitting - Simulation

How did we get approved for adsense?

Do we have free-will?

A lovely restaurant experience.

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

KUNJALO-KE – ME Wanda