IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi
ISINGENISO Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungawazisi umndeni wakho kuba nemiphumela engemihle empilweni yakho. UMZIMBA UBafana Ukuba yisifundiswa kukaBafana kwenza ukuba uBafana awubukele phansi/angawazisi umndeni wakhe. La maphuzu alandelayo akhombisa izinto ezenziwa uBafana ukungawunakekeli umndeni wakhe: • UBafana uxosha umalume wakhe kabuhlungu uma ezocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala. • Ukungazwani kukaBafana noPoppie kwenza u-Euthenasia eqe ekhaya. • UBafana akanasikhathi sezingane zakhe. • UBafana uba nomona ngokuzithuthukisa kukaPoppie ngokufunda umtshela nokuthi akayeke ukufunda. • Ukuhluleka kukaBafana ukubhekana nezinkinga zasemzini wakhe kwamenza walifulathela ikhaya. Umphumela wokungawazisi umndeni empilweni kaBafana: • Udlala izingane zikamasihlalisane wakhe uMaMthunzi, uPr
Comments
Post a Comment