Posts

Showing posts from September, 2020

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI – JC Buthelezi

 ISINGENISO  Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungawazisi umndeni wakho kuba nemiphumela engemihle empilweni yakho. UMZIMBA  UBafana  Ukuba yisifundiswa kukaBafana kwenza ukuba uBafana awubukele phansi/angawazisi umndeni wakhe. La maphuzu alandelayo akhombisa izinto ezenziwa uBafana ukungawunakekeli umndeni wakhe:  • UBafana uxosha umalume wakhe kabuhlungu uma ezocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala.  • Ukungazwani kukaBafana noPoppie kwenza u-Euthenasia eqe ekhaya.  • UBafana akanasikhathi sezingane zakhe.  • UBafana uba nomona ngokuzithuthukisa kukaPoppie ngokufunda umtshela nokuthi akayeke ukufunda.  • Ukuhluleka kukaBafana ukubhekana nezinkinga zasemzini wakhe kwamenza walifulathela ikhaya. Umphumela wokungawazisi umndeni empilweni kaBafana: • Udlala izingane zikamasihlalisane wakhe uMaMthunzi, uPr

KUNJALO-KE – ME Wanda

 ISINGENISO  Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukungabi nesimilo esihle kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu neyabanye abantu. UMZIMBA  UDumazile  Ukungabi nesimilo esihle kukaDumazile esemncane noma eseganile kwadala le miphumela engemihle elandelayo:  • Ukuqoma uthisha uMoloi ebe eyingane yesikole okwaba nomphumela wokukhulelwa ingane kaMoloi nokuxabana noMisi Hlophe bebanga uMoloi  • Ukuxoshwa kukaDumazile esikoleni kunomphumela omubi ngoba kugcina kuxabanise abazali bakhe.  • Ukuqoma uSithole ngemuva kokuxoshwa nguMaNzimande emzini kaSithole kwagcina kunomphumela wokukhulelwa ingane kaSithole.  • Ukuhlela isu lokushisa isitolo sikaSithole kwaba nomphumela wokuthi uSithole agcine esehlupheka ngoba umshwalense wala ukusikhokhela.  • Ukuba nobudlelwano bezocansi noMthovovo, nokubuyelana noMoloi noSith

USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi

 ISINGENISO  Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu nakwabanye abantu. UMZIMBA  UChule  Ukuthanda imali kukaChule ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: • Ukuqola abafelokazi imali ababeyishiyelwe abayeni babo kwagcina kumhlukanise nomkakhe uMaMkhabela.  • Washada noMaDludla umshadombumbulu ukuze afinyelele emalini yakhe, wamlahla uma isiphelile kwaba nomphumela wengxabano phakathi kwabo. UMaDluldla ngenxa yentukuthelo washaya uChule noNomvula ngamaqanda mhla beshada.  • Wangenelwa ukuthanda ukuba yonke le mali yabo noNomvula ize ngakuye ngoba wayesola ukuthi uNomvula uzobuyelana noGenyeza futhi babenganaye umntwana.  • Wakha itulo lokubulala uMirriam. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba kwagcina kushone yena kuleyo ngozi. UDa

Indikimba yenkondlo - THUMELA UZAMCOLO NKOSI!

THUMELA UZAMCOLO NKOSI!  Isingeniso:  Indikimba yenkondlo umongo noma ingqikithi yenkondlo.  Indikimba iwukuveza ukuthi inkondlo imayelana nani ngegama elilodwa noma amabili. Le nkondlo ethi, 'Thumela Uzamcolo Nkosi' indikimba yayo amandla oMdali kubantu. Ukukhethwa kwamagama kuwukusetshenziswa kwamagama anembayo nezimo zokukhuluma kanye nokuphindaphinda ukugqamisa indikimba yenkondlo:

Indikimba yenkondlo - SASINGAKAZE SIMBONE

Indikimba yenkondlo. Isingeniso: Indikimba iwukuveza ukuthi inkondlo imayelana nani ngegama elilodwa noma amabili. Le nkondlo ethi, 'Sasingakaze Simbone' indikimba yayo uxolo/inkululeko eyalethwa ngokaMadiba kubantu baseNingizimu Afrika emuva kwengcindezelo.