USUMENYEZELWE-KE UMCEBO – MJ Mngadi
ISINGENISO Umyalezo yilokho umbhali asixwayisa noma aseluleka ngakho enovelini/yisifundo esitholakala uma sifunda inoveli. Umyalezo uchaza ukuthi umbhali ubehlose ukusazisani ngokubhala le ndaba. Umyalezo wale noveli uthi: Ukuthanda imali ngokweqile kungaba nemiphumela engemihle empilweni yethu nakwabanye abantu. UMZIMBA UChule Ukuthanda imali kukaChule ngokweqile kwadala le miphumela engemihle elandelayo: • Ukuqola abafelokazi imali ababeyishiyelwe abayeni babo kwagcina kumhlukanise nomkakhe uMaMkhabela. • Washada noMaDludla umshadombumbulu ukuze afinyelele emalini yakhe, wamlahla uma isiphelile kwaba nomphumela wengxabano phakathi kwabo. UMaDluldla ngenxa yentukuthelo washaya uChule noNomvula ngamaqanda mhla beshada. • Wangenelwa ukuthanda ukuba yonke le mali yabo noNomvula ize ngakuye ngoba wayesola ukuthi uNomvula uzobuyelana noGenyeza futhi babenganaye umntwana. • Wakha itulo lokubulala uMirriam. Lokhu kwaba nomphumela ongemuhle ngoba kwagc...
Comments
Post a Comment